Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.
EkaJuda 1:18 - Baasraak Zulu New Testament Bible ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. IsiZulu 2020 Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola. Contemporary Zulu Bible 2024 ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. |
Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.
Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.
Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;
Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.
Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;
nikwazi lokhu kuqala, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki bosulu, behamba ngezinkanuko zabo;
Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.
Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.