Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
UNumeri 9:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku. IsiZulu 2020 Kwakuhlala kunjalo, ifu lalilisibekela, kubonakale umlilo ebusuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakunjalo ngaso sonke isikhathi: ifu lalisibekela emini kanye nomlilo ebusuku. |
Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.
Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;
ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,