Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
UNumeri 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.” IsiZulu 2020 AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele. |
Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.”
Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.
Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.