UNumeri 7:71 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. IsiZulu 2020 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Okomnikelo wokubonga nakhu: izinkomo ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezinqama eziyisihlanu, nezimvu zamaduna ezineminyaka emihlanu ubudala; lokho kwakungumnikelo ka-Ahieseri indodana ka-Amisadayi. |
Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana ka-Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.