noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,
UNumeri 7:48 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi. IsiZulu 2020 Ngosuku lwesikhombisa kwakungu-Elishama, indodana ka-Amihudi, umholi wabozalo luka-Efrayimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku lwesikhombisa u-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi, wanikela. |
noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,
Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,