Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.”
UNumeri 6:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho, abe nomusa kuwe; IsiZulu 2020 uSimakade makakhanyise ubuso bakhe kuwe, abe nomusa kuwe; Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi izakhanyisa ubuso bayo phezu kwakho, ibe lesihawu kuwe. |
Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.”
Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.
UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*
Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.
Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.”
“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.
“Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.