Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 5:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: “UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “USimakade makakwenze isiqalekiso nesifungo sesiqalekiso kwabakini; uSimakade ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Khona-ke umpristi kumelwe afungise owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, futhi umpristi kumelwe athi kowesifazane: “UJehova uyokwenza isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, uma uJehova evusa inqulu yakho nesisu sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 5:21
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wena wehlelwe yisifo esikhulu, isifo sezibilini, ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.’ ”


babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,


Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’


Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo.


Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.