Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
UNumeri 36:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe. IsiZulu 2020 zathi: “USimakade wayiyala inkosi yami ukuba inike abantu bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngonkatho. USimakade wayiyala futhi inkosi yami ukuba inike amadodakazi omfowethu uZelofehadi ifa lakhe, libe yifa lawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi: “INkosi yayala inkosi yami ukuba inike abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa ngenkatho; futhi inkosi yami yayiyaliwe nguJehova ukuba ifa lomfowethu uSelofehadi linike amadodakazi akhe. |
Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.
Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami.