Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:
UNumeri 34:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wakhuluma kuMose, wathi: IsiZulu 2020 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: |
Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:
Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.
UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,
“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo –