Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
UNumeri 33:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle. IsiZulu 2020 Izwe niyakulidla, nihlale kulo, ngokuba ngininike lona ukuba nilidle. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nixoshe abakhileyo ezweni futhi nihlale kulo, ngoba ngininikile izwe ukuba nilidle. |
Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’
sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”
Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’
Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.
“Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.
Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.
“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’
“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.
UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu, azidungule ebusweni benu, nilidle izwe lazo, njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.