basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
UNumeri 33:47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo. IsiZulu 2020 Basuka e-Alimoni Dibhilathayimi, bakanisa ezintabeni i-Abharimi, phambi kweNebho. Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka e-Alimoni-Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abharimi phambi kweNebo. |
basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.
“Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,
UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,