UNumeri 33:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni. IsiZulu 2020 Nansi indlela abantu bakwa-Israyeli abahlelwa ngayo ngokwamathimba abo, ngesikhathi bephuma eGibhithe beholwa nguMose no-Aroni. Contemporary Zulu Bible 2024 Lezi ziyizohambo zabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose no-Aroni. |
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.
Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.
Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.
Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”
Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.
“ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha.
“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.