Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
UNumeri 32:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na? IsiZulu 2020 Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na? Contemporary Zulu Bible 2024 Nizidumaza ngani izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bawele ezweni uJehova abanike lona na? |
Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”
Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.
UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?
Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.
Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”
Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’