UNumeri 32:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’ IsiZulu 2020 NguKhalebhu, indodana kaJefune, umKhenizi noJoshuwa, indodana kaNuni, kuphela abamlandela ngokupheleleyo uSimakade.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphandle kukaKalebi, indodana kaJefune, umKhenezi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba baphikelela eNkosini. |
lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,
kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’
U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.