yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.
UNumeri 31:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo. IsiZulu 2020 Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bayishisa yonke imizi yabo ababehlala kuyo, nezinqaba zabo zonke ezinhle ngomlilo. |
yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.
uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.
Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.
Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.
Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova.
Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.
Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,