KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.
UNumeri 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu. IsiZulu 2020 Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500. Contemporary Zulu Bible 2024 Labo ababalwayo ngenani labo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amahlanu. |
KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.