Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”
UNumeri 27:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela le ntaba yase-Abarimi, ubheke izwe engilinike abantwana bakwa-Israyeli. |
Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”
“Khuphukela eLebanoni, ukhale; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale use-Abarimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.
UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.