UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.
UNumeri 27:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. IsiZulu 2020 Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa. |
UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.
USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:
Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.