UNumeri 26:62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli. |
“Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,
Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.
labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili.
Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.
Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.
Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.