UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
UNumeri 25:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, IsiZulu 2020 UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 UFinehasi indodana ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ekubona lokho, wasuka ebandleni, waphatha umkhonto ngesandla sakhe; |
UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.
U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.
“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.
UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,
uFinehasi indodana ka-Eleyazare ka-Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: “Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na?” UJehova wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.”
Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.