Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.
UNumeri 25:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami. IsiZulu 2020 “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami. Contemporary Zulu Bible 2024 UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami. |
Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.
UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.
Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,
Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.
UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.
Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”
Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.
uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.
Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,
UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.