ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
UNumeri 24:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele* akho, Israyeli. IsiZulu 2020 “Mahle kangakanani amathende akho Jakobe, namadlangala akho, Israyeli! Contemporary Zulu Bible 2024 Mahle kangakanani amatende akho, Jakobe, namatende akho, Israyeli! |
ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwa-Israyeli bahlale emadokodweni,
UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti.
Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:
Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.
Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”
kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.