UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
UNumeri 22:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye. IsiZulu 2020 UBhalaki wenza umhlatshelo ngezinkomo nezimvu, wayesekuthumela kuBhileyamu nezikhulu ayenazo. Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki wanikela ngezinkomo nezimvu, wakuthuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezazinaye. |
UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.
Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.
UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.