Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
UNumeri 22:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?” IsiZulu 2020 UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukuba ngikubize na? kungani ungezanga kimi ngingakwazi yini ukuKuphakamisela enkazimulweni ngokweqiniso? |
Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.
UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”
Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.
Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?