Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

AbakwaMowabi babesaba kakhulu abakwa-Israyeli, ngokuba babebaningi. UMowabi wangqangqazela luvalo ngenxa yabakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi wakhathazeka ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 22:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.


Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.


“Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.


Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.