Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
UNumeri 22:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo, lapho kwakungekho khona indlela yokujika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yaqhubekela phambili yema endaweni eminyeneyo, okungekho ndlela yokuphendukela kwesokudla noma kwesokunxele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yahamba yema endaweni ewumngcingo, lapho kwakungekho ndlela yokuphendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. |
Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.