Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”
UNumeri 22:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe.’ ” IsiZulu 2020 ‘Kunoquqaba lwabantu abaphuma eGibhithe asebegcwele ezweni lonke. Manje woza uzongiqalekisela bona, mhlawumbe ngingakwazi ukulwa nabo ngibaxoshe.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kuphume abantu eGibithe, bembese ubuso bomhlaba; woza, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngizokwazi ukubanqoba ngibaxoshe. |
Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”
UBileyamu wathi kuNkulunkulu: “UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi:
UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”
UBalaki wathumela kuBileyamu, wathi: “Wenzeni kimi na? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa.”
Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.
Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.
kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.
UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.