Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo
UNumeri 21:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.* IsiZulu 2020 USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wawanikela amaKhanani; bawaqalekisa nemizi yawo, waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iHorma. |
Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo
Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.
Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.
“Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,
UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.