UNumeri 21:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni; ilangabi livelile emzini kaSihoni; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni. IsiZulu 2020 ngokuba kwaqubuka umlilo eHeshibhoni, kwalavuka amalangabi emzini kaSihoni, alishaya aliqothula i-Ari lakwaMowabi, nezakhamuzi zasezindaweni eziphakeme e-Arinoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kuphume umlilo eHeshiboni, ilangabi emzini kaSihoni; laqeda i-Ari lakwaMowabi nezikhulu zasezindaweni zase-Arinoni. |
Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe, nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa njengokushisa komlilo.
IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.
Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.
Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.
nomthambeka wezigodi othambeka ngasezweni le-Ari, oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”
Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: “Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe;
Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.
“UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”
“Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi: ‘Uma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu, wozani niphephele emthunzini wami; uma kungenjalo, makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari* yaseLebanoni.’
kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti Milo, umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti Milo, umqede u-Abimeleki.”