UNumeri 21:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi: IsiZulu 2020 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, ukuthi: |
“Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.
uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.
“Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.
basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.
“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.
“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala ngaphesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nadla izwe lawo; ngawachitha phambi kwenu.
UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?