UNumeri 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. IsiZulu 2020 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela ese-Atharimi. Walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi umKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli ufikile ngendlela yezinhloli; walwa no-Israyeli, wathumba abanye babo. |
Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.
UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.
“USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.
Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.
Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.