UNumeri 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. IsiZulu 2020 Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibhanela lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; u-Ahiyezeri indodana ka-Amisadayi uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaDani. |
Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.
Ngosuku lweshumi ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.