Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*
UNumeri 18:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini. IsiZulu 2020 “Yisho futhi kubo uthi: ‘Uma ninikela ngokwekhethelo kwakho, kuyakubalelwa kubaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho kumelwe uthi kubo: ‘Uma nithathe okuhle kunakho konke, kumelwe kubalelwe kumaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini. |
Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*
Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.
“Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;
Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.’
Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.