makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”
UNumeri 18:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga. IsiZulu 2020 Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Konke okuvula isizalo kuyo yonke inyama abayiletha kuJehova, kubantu noma kweyezilwane, kuyakuba ngokwakho; |
makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”
silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.
Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’
“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”
“Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.
Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.
Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.
Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,
“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.