Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi ingeyakho; umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo kanye nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyakunika wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe njengesimiso esiphakade: bonke abahlambulukileyo endlini yakho bayakudla kukho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 18:11
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


Athabathe kuwo libe linye njalo eminikelweni yakhe, libe ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova, libe ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.


UJehova wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.


“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.