UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
UNumeri 16:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.” IsiZulu 2020 UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.” Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo. |
UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.
Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.
“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.
siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”
wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.
Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.”