UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.
UNumeri 16:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wavuka waya kuDathani naku-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. IsiZulu 2020 UMose wasukuma waya kuDathani naku-Abhiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayesesuka, waya kuDathani no-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. |
UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.
UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda,
“Yisho kuyo inhlangano, uthi: ‘Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.’ ”
Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”