ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”
UNumeri 16:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” IsiZulu 2020 “Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.” Contemporary Zulu Bible 2024 Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. |
ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”
Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”
AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: ‘Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba.’ Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho.
UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ”
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”
Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:
“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.
UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.”
“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,