UNumeri 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda, IsiZulu 2020 UKhora, indodana kaJizihari, kaKhohathi kaLevi, ekanye namadodana amabili kaRubeni, uDathani no-Abhiramu, ababezalwa ngu-Eliyabe no-Oni ozalwa nguPhelethi baqoqa amadoda, Contemporary Zulu Bible 2024 UKora, indodana kaJisihari, indodana kaKohati, indodana kaLevi, noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni, indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda. |
Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.
Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!