Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 14:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Inhlangano yonke yaphakamisa izwi layo yakhala, abantu bakhala ngalobo busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 14:1
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.


Nokho bona njalo, abakholwanga yizimangaliso zakhe.


Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”


Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.


Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.


Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;


Nabuye nakhala phambi kukaJehova, kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga.


“Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.


Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.


UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.