UNumeri 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. IsiZulu 2020 Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 (Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.) |
Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”
Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,
Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.
ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.
Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.