Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
UNumeri 10:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla. IsiZulu 2020 Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuqala kwasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; phezu kwebutho lakhe kwakunguNashoni indodana ka-Aminadaba. |
Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.
“Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.