Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
UNumeri 1:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: IsiZulu 2020 Abozalo lukaZebuloni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakwaZebuloni, ngemindeni yabo, ezizukulwaneni zabo nangezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma; |
Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.