UMikha 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena mbhoshongo womhlambi, negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.” IsiZulu 2020 Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Nawe, mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseSiyoni, ukubusa kokuqala kuyakufika kuwe; umbuso uyakufika endodakazini yaseJerusalema. |
UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.
Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe ngemihlobiso, okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane, onke eyizihlangu zamaqhawe.
ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni, andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga, uMuzi Othembekileyo.”
Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.
wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.
“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.
“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.
Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;
Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.