UMikha 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakubutha abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo, IsiZulu 2020 USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakuqoqa abaqhugayo, ngibahlanganise ndawonye abadingisiwe nengibajezisile. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyobutha abathuleyo, ngibuthe abaxoshiweyo nalabo engibacindezele; |
INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”
Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.
“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.
“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.
Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo, ngibenze indumiso negama abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.