UMikha 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha azazi imicabango kaJehova, aziqondi amasu akhe, ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni. IsiZulu 2020 “Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa abayazi imicabango kaJehova futhi abaqondi iseluleko sakhe, ngoba uyobabutha njengezithungu esibuyeni. |
Nokho akusiwo umqondo walo, inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo, kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha nokunquma izizwe ezingeyingcosana.
Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa.
Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,* ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo, siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova.
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
“Uyizembe lami nezikhali zokulwa; ngiyaphahlaza izizwe ngawe, ngawe ngiyachitha imibuso,
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBabele injengesibuya ngesikhathi sokunyathelwa kwaso; kuse yisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.”
ngiyakubutha zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati, ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami nesabelo sami u-Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami.
oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”