Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 2:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;


“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


“Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


“ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.


Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.


Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.