Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UGenesise 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. |
Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.
Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.