Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
UDuteronomi 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi: IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 (Ngaleso sikhathi ngema phakathi kukaJehova nani ukuba ngimemezele kini izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukanga entabeni, nithi: |
Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.
Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.
UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye, nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe; ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ usho uJehova.
Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.
Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’
Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,