Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.
UDuteronomi 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’ IsiZulu 2020 Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke gcina, ukwenze; ngokuba kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu phambi kwamehlo ezizwe eziyakuzwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabahlakaniphileyo. |
Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.
Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.
ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.
Abahlakaniphileyo bayakujabha, besabe, babhajwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?
“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.
Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.
“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.
“Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.
“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.
Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”
nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.
Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.